Utholwe enamanxeba okusha oshaywe ugesi

Umlisa olinganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu ubudala utholakale edindilizile kulandela ukushaywa ugesi okusolakala ukuthi ubuxhunywe ngokungemthetho kwa-Jika Joe, e-Pietermaritzburg, ngoLwesibili.

Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo, abakwa-ER 24, umufi utholwe abalisa ababili abebedlula ngendlela ngaphambi kokuba kushaye ihora lesishiyagalolunye, ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bathole lo mlisa elele esikhotheni  kanti eduze kwakhe bekunezintambo zikagesi ebezivele obala. Kuthiwa ubegcwele amanxeba anzima okusha emzimbeni wonke.

Kodwa-ke bese sekusemva kwesikhathi njengoba ubesevele eshonile ngenxa yokulimala kanzima. Ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko.

news@liveexpress.co.za

Credit: ER24

 

Related Posts