Badubule babaleka ‘abebezophanga isitolo’

Bagcine ngokuthi babaleke abalisa okuthiwa bebemise kabi abanikazi besitolo bevulela ngenhlamvu esigamekweni  okusolakala ukuthi ngesokuphanga eNgcungcwini, eNanda.

Amaphoyisa abikelwe ngalesi sigameko ebesenzeka eZimeleni General Dealer, khona eNanda, ngezikhathi zehora lokuqala ezintathakusa.

Kuthiwa abasolwa babhodloze udonga lwesitolo olungemumva kwaso ukuze bangene ngaphakathi. Bathe ngangangena badedela ngenhlamvu bememeza abanikazi besitolo ukuthi baphumele obala.

Amaphoyisa kuthiwa athe angafika azithela kubona abasolwa abavele bawabingelela ngenhlamvu efika nje. Amaphoyisa nawo aphindisele ngayo inganono nokuphethe ngokuthi abasolwa badle phansi.

Amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu angaphezu kwama-25 khona endaweni yesigameko.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eNanda. Akekho oseboshiwe ngalesi sigameko.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts