UMasipala uthi uzosiza abokufika abagcwele izitaladi

uMasipala weTheku ususungule ithimba elizobhekana nodaba lwabantu bakwamanye amazwe abagcwele ezitaladini zaleli dolobha okuthiwa abasenandawo kulandela udlame olwaqubuka maphakathi nonyaka ka-2015 phakathi kwabomdabu wakuleli kanye nabokufika.

Kubikwa ukuthi babalelwa ku-150 abantu abadala kanye nezingane ababaleka ezindaweni ababehlala kuzo, bayohlala endaweni eyifama e-Cato Ridge. Kodwa-ke kuthiwa laba sebevele babuya kuleli fama njengoba sebegcwele ezitaladini zeTheku okubalwa kuzo, u-Dr Yusuf Naidoo Street.

iMeya yeTheku, u-James Nxumalo uthi leli thimba eselisunguliwe lizobandakanya izikhulu zedolobha, uhulumeni wesifundazwe, amaphoyisa kanye nomnyango wezasekhaya.

Kulindeleke nokuthi kukhishwe umbiko nezincomo zokuthi iyiphi indlela engcono okungasizwa ngayo laba bokufika. Lo mbiko uzokwethulelwa ikomiti eliphezulu kuMasipala.

views@liveexpress.co.za

Related Posts