Libheke ukuhlomula ngemicimbi yePhasika iTheku

iDolobha, iTheku, lithi lilindele ukuhlomula lukhulu njengoba iqhubeka imicimbi eyehlukene yempelasonto ende yePhasika.

Leli dolobha lithi lilindele ukuthi lenze ama-billions amarandi njengoba nesibalo sabantu abazovakashela leli dolobha kulindeleke ukuthi sinyuke.

Kule mpelasonto kulindeleke ukuthi kube khona imicimbi eyehlukene ikakhulukazi leyo ehambelana nalo iPhasika kanye neminye ehlanganisa imindeni.

Omunye wemicimbi okulindeleke ukuthi udonse kakhulu abantu yi-Durban Picnic Day ezobe ise-Peoples Park, eDuze nenkundla yezemidlalo, i-Moses Mabhida Stadium. Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ube ngeSonto mhla-zingama-27 ku-March 2016 ngehora lokuqala ntambama.

Phakathi kwabanye babaculi okulindekele ukuthi banandise kulo mcimbi kubalwa kubo u-AKA, Cassper Nyovest, Micasa, Dj Merlon & Mondli, Nasty C, Mtee, Dj Sox kanye Dj Chynaman.

Le micimbi iza esikhathini lapho iTheku liqeda kubamba eminye imicimbi eyehlukene emikhulu okubalwa kuyo amakhonsathi abaculi baseMelika, u-Nicki Minaj kanye no-TI kanjalo momcimbi i-International Jazz Extravaganza.

iMeya yeTheku, u-James Nxumalo, uthi ngenxa yale micimbi umgqigqo usuvele uphezulu eThekwini. Uthi ezinyangeni eziyi-12 ezedlule iTheku lenze imali engaphezu kwa-1 billion wamarandi.

Ngale kwalokho namahhotela kuliindeleke ukuthi agcwale ngayo le mpelasonto.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: Durban Picnic Day Facebook Page

Related Posts