Udilikajele kwababulala umuntu, bamunquma uqhoqhoqho

Abalisa ababili abebebhekene namacala okubulala nokubamba inkunzi bagwetshwe udilikajele yinkantolo enkulu yaseMthunzini  kulandela ukulahlwa yila macala.

Kulesi sigameko esenzeka mhla zingama-26 ku-Okthoba 2016 ngezikhathi zehora lesishiyagalombili ebusuku kubikwa ukuthi amaphoyisa akwaHlabisa, eNtshonalanga neKwaZulu Natali, abikelwa ngesigameko sokubulala kule ndawo.

Athi angafika endaweni yesigameko bazithela phezu kwesidumbu somlisa owahlonzwa njengo-Muziwethu Gazu, owayeneminyaka engamashumi amane ubudala, sinqunywe uqhoqhoqho.

Izimpahla zakhe okubalwa kuzo i-cellphone kanye nemali kwase kungasabonwa. Emva kwalokho kwabe sekuvulwa icala lokubulala kanye nokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa kwaHlabisa.

Esikhathini esingaphansi kwenyanga abasolwa ababili bagcina beboshiwe endaweni yaseHluhluwe nokuyilapho okuthiwa babebhace khona. Kwaphinde kwatholakala nommese okusolakala ukuthi uwona okwanqunywa ngawo umufi.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi ukholwa ukuthi ukuboshwa nokugwetshwa kwalaba basolwa kuzothumela umyalezo oqinile nakwabanye abantu ababulala abantu abangenacala.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Pixabay.com

Related Posts