Uvulele ngenhlamvu ohlulwe emdlalweni wezinduku

Uthukuthele wadedela inhlamvu umlisa wase-Pomeroy, kwaShange, kulandela ukukhala ngaphansi emdlalweni wokulwa ngezinduku ngenkathi kunomcimbi wesintu kuyo le ndawo.

Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesihlanu mhla zingama-25 kuMashi 2016 kubikwa ukuthi uMbangiseni Gabela, oneminyaka engama-49 ubudala, wayehambele umemulo ngenkathi engcweka ngezinduku nomsolwa.

Kodwa-ke umsolwa kuthiwa akalibonanga elidlalayo kumfokaGabela nokuyinto okubukeka sengathi ayimunikanga ukuthula emoyeni umsolwa. Kuthiwa umsolwa wabe esenyamalala emcimbini, wahamba.

Ngokuhamba kosuku kuthiwa ubuye engasedle nkobe zamuntu umsolwa, esephethe nesibhamu. Kusolwa ukuthi wabe esedubula ebulala uGabela. Kulokhu kudubula kwaphinde kwadubuleka nomunye umuntu owayezimele nokuthiwa wadutshulwa inhlamvu eyageja uGabela, walimala.

Umsolwa kuthiwa wabe esedla phansi, ebaleka ngezinyawo.

Kube sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eNhlanhleni.

Ngosuku olulandelayo, ekuseni ngoMgqibelo, ngaphambi kokuba kushaye ihora lesikhombisa ekuseni, kuphinde kwaba nesinye futhi isigameko sokubulawa komuntu ngokudutshulwa kuyo le ndawo.

Kudutshulwe kwabulawa uBonokwakhe Gabela esigamekweni okusolakala ukuthi ngesokuziphindiselela. uBonokwakhe ubulawa nje ubeyovela emndenini kaMbangiseni njengoba beyizihlobo futhi behlala endaweni eyodwa.

Ngosuku olufanayo amaphoyisa alunywe indlebe ngokubonakala kwabasolwa kulezi zigameko zombili zokubulala.

Umsolwa wokuqala esigamekweni sokubulala emcimbini womemulo ugcine eboshiwe waphinde watholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Omunye umsolwa esigamekweni sokubulala esenzeke ngoMgqibelo ekuseni naye ugcine eboshiwe nalapho etholakale khona nesibhamu sohlobo lwe-38 Revolver okusolakala ukuthi yiso esasetshenziswa esigamekweni sokubulala.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uzigxekile lezi zenzo zokubulala. “Siyayinxusa imindeni nezihlobo ukuthi bayeke ukubulalana bodwa kodwa bahlale phansi baxazulule izinkinga zabo ngokuthula,” kusho uNgobeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts