Kulimale abathathu kugingqika imoto eNorthdale

Abalisa abathathu bathole ukulimala ngenkathi imoto abebehamba ngayo igingqika emgwaqeni u-Ohrtmann Road, e-Northdale, ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, bakwa ER24, bafike endaweni yesigameko bathola le moto encane ilele ngokhakhayi, amasondo ebheke phezulu, eceleni komgwaqo.

Abalisa abathathu abebekule moto batholakale behlezi eceleni kwayo.

Kusolakala ukuthi umshayeli wale moto imphunyukile nokuholele ekutheni iphume imgwaqeni maqede iphenduke amahlandla ambalwa.

Kodwa-ke akekho olimale kakhulu kulaba lisa bobathathu. Emva kokunikezwa ukwelashwa endaweni yesigameko babe sebephuthunyiswa esibhedlela i-Northdale Hospital ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Okunye okubuye kwavela ukuthi umshayeli wale moto akatholakalanga endaweni yesigameko.

news@liveexpress.co.za

Credit: ER24

Related Posts