Ugwetshiwe owadlwengula izingane zezintombi zakhe

Ugwetshwe iminyaka eyishumi nambili edonsa ejele umlisa obebhekene namacala okudlwengula izingane zakhe ezimbili angazizali ezigamekweni ezihlukene eMpangeni.

Ngenyanga kaJanuwari, ngonyaka ka-2015, kubikwa ukuthi umsolwa wayenobudlelwano bezothando nomama wentombazanyana eneminyaka eyi-11 ubudala.

Kodwa-ke lo mlisa waba nengxabano nalo wesifazane ayethandana naye nokuyilapho okuthiwa wabe esekhiphela isibhongo kule ngane ngokuyidlwengula.

Kuthiwa le ngane yabika ngalesi sigameko nokwaholela ekuboshweni kwakhe.

Phezu kwalokho kubikwa ukuthi maphakathi nenyanga ka-October 2014 kuya ku-August 2015, umsolwa wayenobunye futhi ubudlelwano bezothando nomama wenye intombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala.

Kuthiwa umsolwa ubenomkhuba wokuthi adlwengule le ngane uma ngabe umama wayo engekho.

Ngokuhamba kwesikhathi kuthiwa le ntombazanyana yagcina ibhobokile, yabikela umama wayo ngalolu daba. Kodwa-ke kuthiwa umama wayo wavele wakushaya indiva ukuhlukunyezwa kwale ndodakazi yakhe.

Ngokubona ukuthi umama akayinaki, kuthiwa ingane yagcina isizilahlela kuthisha wayo, yambikela ngalolu daba, nokuyikho okwaholela ekutheni kuvulwe icala.

Emva kokuvela enkantolo yesifunda yaseMpangeni, agcine emlahlile amacala waphinde wagwetshwa iminyaka emihlanu ngecala alenza esigamekweni sokuqala.

Ngaphezu kwalokho uphinde wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa ngecala alenza esigamekweni sesibili.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant Mmamonnye Ngobeni, uthi umsolwa angeke esathenjwa ukuthi asondele eduze kwezingane ezincane. Uphinde wanxusa nabazali ukuthi bazinakekele izingane zabo futhi bangazizibi uma zibabikela ngokuhlukunyezwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts