Kushone oyedwa kushayisana iloli nemoto encane

Kushone umuntu oyedwa, kwalimala ababili, ngenkathi kutholana phezulu iloli nemoto encane emgwaqeni u-R33, eduze nase-Copeville, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, le ngozi yenzeke ekuseni ngeSonto endaweni enyukelayo.

Kukholakala ukuthi iloli belinyuka kanti imoto encane yona ibiyehla. Kuthiwa lezi zimoto zibe sezitholana phezulu kanti nesivinini ebezihamba ngaso kusolakala ukuthi besiphezulu.

Ngenkathi abosizo lokuqala bakwa-ER24 befika endaweni yesigameko bathole ukuthi umshayeli wemoto encane ubelimele kabi kanti ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko.

Abanye abagibeli ababili bona kubikwa ukuthi bathole ukulimala okungatheni.

Emva kokunikezwa ukwelashwa endaweni yesigameko babe sebephuthunyiswa esibhedlela ngokwehlukana.

Imbangela yale ngozi ayikaziwa.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: ER24

 

Related Posts