Odilikajele kowayegibelisa abesifazane, abadlwengule

Ubhinjelwe yizinto umlisa obebhekene noxhaxha lwamacala okudlwengula abesifazane okuthiwa ubebagibelisa emotweni yakhe, abathembise ukubabeka lapho abebefuna ukuya khona.

Ukhulekani Gwala, oneminyaka engama-34 ubudala, kuthiwa ubegila le mikhuba kusukela ngo-October 2013 kuya ku-December 2014.

Kuthiwa ube nomkhuba wokuthi acuthele abesifazane abaneminyaka ebalelwa kweyi-19 kuya kwengama-29 ubudala nabasuke begaqele usizo lwezimoto eziya ngaseThekwini nalapho ayebathatha khona eMtubatuba, bese ebathembisa ukubabeka noma ngabe ikuphi lapho besuke befuna ukuya khona.

Kusolwa ukuthi uGwala ubevele ashintshe umzila okuhanjwa ngawo esikhaleni bese ethatha umgwaqo ozobasa endaweni ethe ukuqhela.

Bekuthi lapho befika endaweni eqhelile bese ebajikela esiswini njengotshwala, asabise laba besifazane ngommese. Yilapho okuthiwa ubebe esebadlwengula khona maqede abaqole izimpahla zabo. Kwezinye izigameko kuthiwa ubezama nokuthi ababulale ngokubakinya.

Lokhu kwaholela ekutheni kuvulwe inqwaba yamacala  esiteshini samaphoyisa, e-Richards Bay, ukuze kuphenywe nalapho kuye kwaqapheleka ukuthi izigameko ezibikiwe bezenzeka ngendlela efanayo.

Ubufakazi bolibofuzo obatholakala kwabesifazane abayizisulu kuthiwa yibo obusize ekutheni kuxhunyaniswe umsolwa nalolu xhaxha lwamacala.

iNkantolo eNkulu yaseMtubatuba igwebe uGwala odilikajele abahlanu ngamacala okudlwengula, iminyaka engama-45 ngokuphanga kanye neminyaka eyishumi ngamacala okuntshontsha.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi basazoqhubeka nokuvalela abadlwenguli.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts