Ugwetshiwe owahlukumeza amantombazane ngokocansi

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili nambili edonsa ejele umlisa obebhekene namacala okuhlukumeza ngokocansi, ukuzama ukudlwengula kanye nokuphanga kuhlonyiwe eMpangeni, KwaZulu Natali.

Esigamekweni esenzeka mhla ziyi-9 ku-May 2013 kubikwa ukuthi amantombazane amabili, aneminyaka eyi-14 kanye neyi-16 ubudala, ayesendleleni eya ekhaya lawo elise-Mkhome Reserve ngenkathi ezithola esevinjezelwa umlisa angamazi nowawakhomba ngesibhamu wabe esewaphoqa ukuthi baye esikhotheni.

uLihle Khoza, oneminyaka engama-32 ubudala, kuthiwa wahlukumeza la mantombazane ngokocansi, wazama ukuwadlwengula, waphinde wathatha nocingo lenye yamantombazane ngaphambi kokuthi abaleke.

La mantombazane abe esevula icala esiteshini samaphoyisa eMpangeni.

Kuthe emva konyaka kwenzeka lesi sigameko, enye yala mantombazane yabona umsolwa edolobheni e-Richards Bay. Yabe isifonela umseshi waleli cala nowabe eselandela umsolwa, wambopha.

Ubelokhu evela enkantolo izikhathi eziningi kwaze kwaba ayamulahla amacala, waze wagwetshwa.

Inkantolo yesiFunda eMpangeni, igwebe uKhoza iminyaka eyi-12 ngokuhlukumeza ngokocansi kanye neminyaka eyishumi kwelokuphanga.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uncome kakhulu usizo olunikezwe yisisulu nesibindi sokuthi abikele amaphoyisa ngomsolwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts