i-Pirates iqhathwe ne-Sundows kowe-Nedbank Cup

Kulindeleke umdlalo osezingeni eliphezulu kumqhudelwano we-Nedbank Cup kulandela ukuqhathwa kwezinkunzi zase-Soweto, i-Orlando Pirates kanye neqembu elizihola phambili kwi-Absa Premiership, i-Mamelodi Sundows.

Ukutholana phezulu kwala maqembu kulesi sigaba sama-quarter-finals kuzosheshe kucacise ukuthi ubani ongeke afike kowamanqamu njengoba kuzophoqa ukuthi oyedwa aliwashe ijezi.

Ayi-8 amaqembu asele njengamenje kanti amaqembu amane azophumelela azodlulela esigabeni sama-semi-finals.

Amanye amaqembu aqhathwe kanje:

Free State Stars vs Bidvest Wits

SuperSport United vs Black Aces

Polokwane City vs Baroka FC

Mamelodi Sundows vs Orlando Pirates

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts