Ugwetshwe iminyaka engu-20 owadlwengula emcimbini

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili ebhadla ejele umlisa obebhekene namacala okudlwengula intokazi esencane ngenkathi kunomcimbi wesintu e-Bergville, KwaZulu Natali.

u-Mahlathi Mazibuko, oneminyaka engama-24 ubudala, kuthiwa wavimbezela le ntokazi eneminyaka eyi-15 ubudala ngenkathi iqeda kuphuma nje endlini. Wabe eseyiphoqa ukuba baye esikhotheni nokuyilapho okuthiwa wabe eseyidlwengulela khona.

Omunye wabantu ababehambele lo mcimbi wezwa umsindo nokwathi uma eqhamuka uMazibuko wadla phansi.

Kwabe sekubikelwa abanye ababekuwo umcimbi ngalesi sigameko nokwaholela ekutheni izinsizwa ezazisemcimbini ziphume inqina zibheke uMazibuko. Kodwa-ke bagcina behluleke bancama ukumthola.

Emva kokuthi kubikelwe amaphoyisa ngalesi sigameko kwabe sekuvela ukuthi umsolwa uhlala esigodini sase-Amangwe kodwa wayengasabonwa nangokhalo kuyo le ndawo.

AbakwaSidlodlo bebelokhu besezithendeni zakhe njengoba esikhathini esingaphansi kwenyanga kwenzeke isigameko, umsolwa wagcina ebanjwe kwelinye lamahostela, eGoli.

Wabe eseboshwa waphinde wabuyiselwa emuva, e-Ladysmith, ukuze abhekane necala lokudlwengula.

Inkantolo yesiFunda e-Ladysmith imgixabeze ngeminyaka eyi-20 edonsa ejele kulandela ukulahlwa yicala.

Ngaphezu kwalokho, uMazibuko, waphinde watholakala ukuthi akakulungele ukuphatha isibhamu kanjalo nokusebenza nezingane.

Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabadlwenguli, i-National Register for Sex Offenders.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamnnye Ngobeni, unxuse izisulu zobugebengu ukuthi ziqinisekise ukuthi ziyawabikela amaphoyisa uma zihlukunyezwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts