Kushone ababili, kwalimala abangu-16 kushayisana itekisi neloli

Ingozi ebandakanya iloli kanye nemoto encane idlule nomphefumulo wabantu ababili kwaphinde kwalimala abayishumi nesithupha, ngoMgqibelo ekuseni, e-Renosterspruit, e-Gauteng.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER 24, i-truck kanye nemoto encane kutholane phezulu emgaqweni u-R512, khona e-Renosterspruit.

Kushone ingane eyodwa kanye nomuntu omdala kanti abantu abathathu bona bebesesimweni esibucayi. Abanye abantu abayi-13 bathole imihuzukwana kanti abanye balimale kanzima.

Abosizo lokuqala bathi bafike endaweni yesigameko abantu besaphazeke yonke indawo.

Itekisi litholakale lilele ngohlangothi eceleni komgwaqo kanti iloli lona belisohlangothini lomgwaqo.

Ngenkathi kufika abosizo lokuqala bekungasekho ebekusengenziwa ukuze kusindiswe ingane kanye nomuntu omdala abashonile ngenxa yokulimala kanzima.

Abantu ababili abebelimele kakhulu kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ngezindiza ezimbili ezinophephela emhlane, ngokwehlukana.

Bonke laba abanye abalimele balashelwe endaweni yesigameko base baphuthunyiswa ezibhedlela ezihlukene ngama-ambulance.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts