Kutholwe ingane esanda kuzalwa ilahliwe edolobheni

Ingane esanda kuzalwa itholakale ilahliwe futhi isishonile enkabeni yedolobha iTheku, KwaZulu Natali.

Abosizo lokuqala, bakwa ER24, bathi le ngane ibilahlwe emgwaqeni u-Field Street, eduze nesinye sezitolo ezikulo mgwaqo.

Kukholakala ukuthi ilunga lo mphakathi yilona elithole le ngane yomfana labe selithinta amaphoyisa nokube yiwo athinte abosizo lokuqala.

Abakwa ER24 bathi bathole le ngane isongwe ngocwazi omnyama yabe isilahlwa eduze nerobhothi.

Bafike kule ndawo ingane ivele isishonile.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: ER24

Related Posts