Abantu abayi-6 bashisiwe, bagencwa, badutshulwa KwaCeza

Namanje akukacaci ukuthi kube yini imbangela yokubulawa kwamalunga omndeni amahlanu kwaphinde kwalinyazwa oyedwa ngesihluku ngenkathi behlaselwa besekhaya labo eMpambulekweni, eGodlankomo, KwaCeza.

Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo, ngezikhathi zehora lesi-9 ebusuku, kuthiwa abantu abayisithupha bebesekhaya labo ngenkathi bezithola sebehlaselwa amadoda amahlanu angaziwa.

Umuntu oneminyaka engama-33 ubudala kuthiwa udutshulwe ekhanda washona ngaso leso sikhathi.

Abanye abantu abathathu, okuyingane eneminyaka emihlanu, oneminyaka engama-58 kanye noneminyaka engama-60 ubudala, bona bokhelwe ngomlilo bengaphakathi endlini ewu-rawondi bashona.

Ingane eneminya emithathu igencwe ngobushu yaze yafa.

Omunye wesilisa oneminyaka eyi-15 ubudala naye kuthiwa ugencwe ngobhushu walimala kanzima. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.

Amaphoyisa athi asaphenya ukuthi kube yini imbangela yalokhu kuhlaselwa nokubulawa kwalo mndeni.

Kuvulwe amacala amahlanu okubulala kanye nokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa KwaCeza.

Amaphoyisa athi asebophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ebalelwa kwengama-25 kuya kwengama-33 ubudala. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eMahlabathini maduzane .

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, ukugxekile ukubulawa ngesihluku kwalaba okuhlanganisa nezingane ezincane. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi wehlise umoya, udedele amaphoyisa ukuthi aqhubeke nophenyo lwawo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts