Kuboshwe abangu-295 ngamacala okudlwengula

Uphiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offenses Units eziteshini zamaphoyisa ezihlukene KwaZulu Natali luzishaya isifuba ngemiphumela yawo emacaleni amayelana nokudlwengula ngenyanga ka-March 2016.

Kusukela ngomhla lulunye ku-March kuya kumhla zingama-31 kuwo u-March 2016, amaphoyisa athi abophe abasolwa abangama-295 ngamacala okubalwa kuwo awokudlwengula, ukuhlukunyezwa ngokocansi, ukuzama ukudlwengula, ukuphulwa kwemiyalelo yenkantolo, ukulahlwa kwezingane, imibukiso yocansi lwezingane kanye namanye amacala.

Abasolwa abangama-39 balahlwe amacala baphinde bagwetshwa ezinkantolo eziningi esifundazweni.

Abanye abasolwa basavalelwe ezitokisini njengoba besalindele ukuthi amacala abo athethwe ezinkantolo ezihlukene.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts