Kushone abangu-6, kwalimala abangu-12 engozini yetekisi

Kushone abantu abayisithupha kwaphinde kwalimala abayishumi nambili ngenkathi kutholana phezulu itekisi kanye nemoto encane ngoMsombuluko ekuseni, emgwaqeni u-Sweetwaters, e-Pietermaritzburg.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bafike endaweni yesigameko bathola itekisi selilele esikhotheni esiseduzane nomgwaqo.

Kukholakala ukuthi imoto encane ishayise itekisi ohlangothini nokuholele ekutheni itekisi liphenduke amahlandla ambalwa. Abagibeli abebesetekisini kuthiwa baphonseke ngaphandle kwetekisi. Abanye abebelimele kanzima batholakale begaxele kwizingxenye ezithize zomzimba wetekisi.

Abantu abayisithupha batholakale belimele kanzima kanti bahlonzwe njengabantu asebeshonile khona endaweni yesigameko.

Abanye abagibeli abayishumi nambili batholakale besaphazeke phansi kanti abanye babo bebelimele kanzima.

Umshayeli wemoto encane kubikwa ukuthi yena utholakale enemihuzukwana nje.

Laba abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene, okubalwa i-Greys kanye ne-Edendale Hospital.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts