Bavelile ‘abashisa, bagenca, badubula’ abantu KwaCeza

Abasolwa abayisihlanu abebebhekene namacala okubulala abantu abayisithupha ngesihluku KwaCeza, bavele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini, ngoLwesibili.

Ukuboshwa kwalaba basolwa kulandela isigameko esishaqisayo sokuhlaselwa kwamalunga omndeni  wasesigodini saseGodlankomo, KwaCeza, ngoMgqibelo ebusuku, ngabalisa abangaziwa.

Umuntu oneminyaka engama-33 ubudala kuthiwa udutshulwe ekhanda washona ngaso leso sikhathi.

Abanye abantu abathathu, okuyingane eneminyaka emihlanu, oneminyaka engama-58 kanye noneminyaka engama-60 ubudala, bona bokhelwe ngomlilo bengaphakathi endlini ewu-rawondi, bashona.

Ingane eneminya emithathu igencwe ngobushu yaze yafa.

Omunye wesilisa oneminyaka eyi-15 ubudala naye kuthiwa ugencwe ngobhushu walimala kanzima. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.

Amaphoyisa athi aphinde athola ezinye izibhamu ezine ezingekho emthethweni kubasolwa njengoba uphenyo lwawo lusaqhubeka.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts