Owesifazane (60) ulimale ‘edunwa’ imoto

Owesifazane okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa kwengama-60 ubudala, uthole ukulimala esigamekweni okusolakala ukuthi ngesokuzama ukuduna imoto e-Clubview, e-Centurion, ngoLwesibili ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bafike endaweni yesigameko sekugcwele amalunga e-CPF kanjalo  nabenkampani yonogada.

Kuthiwa lo wesifazane uthole ukulimala emlenzeni ngenkathi kwenzeka lesi sigameko.

Kusolakala ukuthi ubethi umisa imoto yakhe eduze nendlu yomngani wakhe ngenkathi ezithola esehlaselwa abasolwa.

Kuthiwa uzame ukuhlehla ngayo imoto ethi uzama ukubaleka nokuyilapho okuthiwa abasolwa baphahlaze khona iwindi lemoto.

Abasolwa kuthiwa bathathe ezinye zezinto zalo wesifazane babaleka  nazo kodwa bangayithatha imoto.

Lo wesifazane ube esephuthunyiswa esibhedlela ukuze athole okunye ukwelashwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts