Ingane isakazwe phansi yashona ibangwa abazali

Ingane  yentombazanyana enezinyanga ezintathu ubudala isakazwe phansi yashona kulandela umbango obushisa phansi phakathi kwabazali bayo kubangwa yona.

Kulesi sigameko okuthiwa senzeka ngoLwesibili ngezikhathi zehora leshumi nanye, emini, kubikwa ukuthi ababa wale ngane ufike engasezwa mshini endaweni okuhlala kuyo umama wengane KwaMoyana, eNgwavuma. Kuthiwa ufike wafuna ngoshova ukuthi athathe ingane ukuze aye nayo lapho ehlala khona.

Kodwa-ke umama wengane kuthiwa ushaye phansi ngonyawo, wala waphetha ukuthi ubaba wayo ayithathe. Lokhu kuthiwa kuthukuthelise kakhulu ubaba wengane nokusolwa ukuthi uvele wahlwitha ingane kumama wayo ngamadla maqede wayisakaza phansi.

Kuthiwa le ntombazanyana ilimale kanzima ekhanda kanti ibe isiphuthunyiswa esibhedlela isesimweni esibucayi.

Ngezikhathi zasekuseni ngoLwesithathu, le ngane kugcine kuyenele esibhedlela ngenxa yalokhu kulimala kwayo.

Kubikwa ukuthi umsolwa uvele wakhala amaphepha emva kwalesi sigameko kanti namanje akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.

Sekuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaMsane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Piethekid.deviantart.com

 

Related Posts