Zimkhalele ‘osakaze’ ingane yakhe phansi yashona

Zigcine zimkhalele umlisa oneminyaka engama-26 ubudala nosolwa ngokusakaza phansi ingane yakhe enezinyanga ezintathu ubudala, yashona, kulandela umbango obushisa phansi phakathi kwakhe nomama wengane kubangwa yona.

Kulesi sigameko okuthiwa senzeka ngoLwesibili ngezikhathi zehora leshumi nanye, emini, kubikwa ukuthi ababa wale ngane ufike engasezwa mshini endaweni okuhlala kuyo umama wengane KwaMoyana, eNgwavuma. Kuthiwa ufike wafuna ngoshova ukuthi athathe ingane ukuze aye nayo lapho ehlala khona.

Kodwa-ke umama wengane kuthiwa ushaye phansi ngonyawo, wala waphetha ukuthi ubaba wayo ayithathe. Lokhu kuthiwa kuthukuthelise kakhulu ubaba wengane nokusolwa ukuthi uvele wahlwitha ingane kumama wayo ngamadla maqede wayisakaza phansi.

Kuthiwa le ntombazanyana ilimale kanzima ekhanda kanti ibe isiphuthunyiswa esibhedlela isesimweni esibucayi.

Ngezikhathi zasekuseni ngoLwesithathu, le ngane kugcine kuyenele esibhedlela ngenxa yalokhu kulimala kwayo.

Kubikwa ukuthi umsolwa uvele wakhala amaphepha emva kwalesi sigameko kanti ubengaziwa nokuthi ukuziphi izinkalo.

Ugcine eboshiwe ngoLwesithathu ebusuku emva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngokubonakala komsolwa khona eNgwavuma.

Usebekwe icala lokubulala kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMatshi yaseNgwavuma ngoLwesihlanu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Piethekid.deviantart.com

 

Related Posts