Kulimale abangu-17 kushayisana itekisi neveni

Abantu abayishumi nesikhombisa basale belimele kulandela  ingozi ebandakanya itekisi kanye neveni e-Hillcrest, ngase-Pinetown.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER 24, le ngozi yenzeke ngezikhathi zehora lesine ntambama, ngoLwesihlanu.

Kubikwa ukuthi itekisi kanye neveni kutholane phezulu kwimpambanomgwaqo ya-Ridge kanye no-Spring Side Road, khona e-Hillcrest. Kusolakala ukuthi itekisi ivele yajika ngaphambi kwale moto eyiveni nokuyikho okuthiwa kubangele ukuthi zidudulane zaze zayobhajwa odongeni

Ngenkathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bathole imoto eyitekisi kanye neveni zilele eduze nodonga.

Abantu abayishumi nesikhombisa bathole ukulimala okungatheni kanye nemihuzukwana.

Umgibeli weveni kuthiwa utholakale evaleleke kulo iveni kodwa enokulimala okungatheni. Kudingeke ukuba kusetshenziswe izingxawu ukuze kutakulwe lo mlisa obevalelekile.

Laba abalimele balashelwe endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela i-RK Khan kanye ne-St Marys Hospital, ukuze bathole okunye ukwelashwa.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts