Ushonele phambi kwezitolo odutshulwe erenki

Umlisa odutshulwe ngenqwaba yezinhlavu erenki yamatekisi kuthiwa ugcine eshonele phambi kwezitolo e-Randburg, e-Johannesburg.

Lo mlisa olinganiselwa eminyakeni engama-30 ubudala kuthiwa udutshulwe ngezikhathi zehora lokuqala, ntambama, erenki yamatekisi khona e-Randburg.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi ngenkathi befika endaweni yesehlakalo bathole lo mlisa elele eduze kwezitolo eziseduze nale renki. Kodwa-ke bese kusemva kwendaba njengoba besekuvele kumenele ngenxa yamanxeba okudutshulwa.

Ube esehlonzwa njengomuntu osedlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.

Ngokombiko, kukholakala ukuthi lo mlisa uvele wahlaselwa ngamadoda abehlome ngezibhamu navele avulela ngenhlamvu kuye ngenkathi esemotweni yakhe. Kuthiwa uzamile ukubalekela ngasezitolo kodwa wagcina ngokuwa ngenxa yala manxeba okudutshulwa.

Akukacaci ukuthi kube yini imbangela yalesi sigameko.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts