Kugxekiwe ukubulawa kwekhansela lesifazane ehostela

Imeya yeTheku, u-James Nxumalo, usezwakalise ukwethuka kulandela isigameko sokubulawa kowesifazane obeyikhansela ehostela lodumo, i-Glebelands, eMlazi.

uZodwa Sibiya, okubikwa ukuthi ubeyikhansela le-African National Congress (ANC), kuthiwa udutshulwe washona ngoMgqibelo ebusuku ekulo leli hostela.

“Izenzo zobugwala ezinjena kumele zigxekwe ngayo yonke indlela. Siphucwe umholi ngesikhathi izwe lisebenza kanzima ukulungisa ukungalingani ngokobulili. uKhansela Sibiya ubewumholi onesibindi obeqhubeka nokusebenzela umphakathi ebhekene nesihluku kanye nokulahleka kwezimpilo ewadini yakhe. Sinxusa zonke izinhlaka zezokuphepha ukuba ziqinisekise ukuthi abenzi bobubi babhekana nengalo yomthetho,” kusho uNxumalo.

uSomlomo weTheku, u-Logie Naidoo, uthi yena nozakwabo kuMasipala weTheku bathuke kabi ngalesi senzo sokubulawa kukaSibiya. Uthi banethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubopha labo abanesandla kulesi sigameko.

Okwamanje bekungakacaci ukuthi kube yini imbangela yokubulawa kwaSibiya.

Izigameko zokubulawa kwabantu kuleli hostela zilokhu ziqhubeke njalo njengoba imibiko ithi lesi sigameko sekungesama-62.

Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uNathi Nhleko, ubesanda kuvakashela ehostela laKwaMashu kulandela ukubulawa kwabanye abantu abahlanu kuleli hostela nalo elidume ngezigameko zodlame nokubulala.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts