Ugwetshiwe owadlwengula, wakhulelisa udadewabo

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili ebhadla ejele umlisa obebhekene necala lokudlwengula udadewabo waphinde wamkhulelisa e-Pinetown, KwaZulu Natali.

Lo mlisa oneminyaka engama-32  ubudala utholwe enecala emva kokuthi iMantshi ilalele ukuthi wamudlwengula kanjani udadewabo yena oneminyaka eyi-16 ubudala.

Ngenyanga ka-June 2012, umama wale ntobazane waba nezinsolo zokuthi indodakazi yakhe ikhulelwe. Kuthiwa wayibuza ukuthi kungabe ikhulelwe yini noma ayikhulelwe.

Kuthiwa indodakazi yageqa amagula ivuma kumama ukuthi ikhulelwe yabe isiphumela obala yasho nokuthi ubaba wengane umfowabo.

Le ntombazane yaphinde yakuveza nokuthi umfowabo wayisabisa ngokuthi uzoyibulala uma ike yayithi vu le ndaba.

Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula ngaso leso sikhathi esiteshini samaphoyisa e-Hillcrest ukuze kuphenywe nokwaholela ekuboshweni komsolwa.

Umsolwa ugcine egwetshwe iminyaka eyi-20 edonsa ejele yiNkantolo yeSifunda e-Pinetown.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uncome abazali bendodakazi ngokuthi basukume, babike lokhu kuhlukumeza obenzeka emndenini. Uthi lokhu kuzoba yisifundo nakwamanye amalunga emindeni adlwengula izingane bese becabanga ukuthi angeke benziwe lutho.

views@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts