Owe-IFP uthi uthukile ngokubulawa kwekhansela ehostela

Lowo owuSotswebhu kwiKhokhasi ye-Inkatha Freedom Party (IFP) kuMasipala weTheku, u-Molly Mngadi, uthi uthuke kwaphela nasozwaneni ngenkathi ethola umyalezo obumazisa ngezindaba zokubulawa kwekhansela le-African National Congress (ANC), ehostela lase-Glebelands, eMlazi.

uZodwa Sibiya, udutshulwe washona ngoMgqibelo ebusuku ekulo leli hostela.

“Ukushona kwaKhansela Sibiya kube yinto ethusa kabi njengoba ngisebenze ngokusondelana okukhulu naye ekomitini elilodwa. Ngenkathi ngithola i-SMS, ingazisa ngokudlula emhlabeni, bengithuke kakhulu,” kuchaza uMngadi.

Uqhuba uthi usazama ukuthi amukele lonke lolu chungechunge lwezigameko futhi akakakwazi ukubhekana nalesi simo.

“Ungamukhomba kanjani umuntu wesifazane ngesibhamu bese uyambulala?,” kubuza uMngadi.

uSibiya kubikwa ukuthi ubehamba phambili, elwela ukuthi abesifazane bakwazi ukuhlala kuleli hostela.

Inkonzo yakhe yomngcwabo kulindeleke ukuthi ibe se-Durban City Hall, ngoLwesine, mhla zingama-21 April 2016, ngehora lesithathu ntambama.

Iqembu le-IFP selulugxekile udlame kanjalo nokubulawa kwamakhansela. Liphinde lanxusa namaphoyisa ukuba aqinisekise ukuthi ababulali bakaSibiya babhekana nengalo yomthetho ukuze umthetho udlale indawo yawo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts