Bavale imigwaqo yedolobha bebhikisha abakaMasipala

uMasipala weTheku uthi usiqaphe ngeso lokhozi isimo edolobheni iTheku kulandela umbhikisho wabasebenzi bakaMasipala nophazamise ukuhamba kwezimoto enkabeni yedolobha ngoLwesithathu.

Imibiko ithi amaloli kaMasipala aphazamise ukuhamba kwezimoto ezingxenyeni ezithize zedolobha.

Kuthiwa abasebenzi bebeyothula izikhalo zabo ehholo ledolobha  kanti uMasipala ukuqinisekisile ukuthi uzitholile izikhalo zabasebenzi.

Kube sekubanjwa umhlangano phakathi kwabasebenzi kanye noMphathi weDolobha, uSibusiso Sithole, ngenhloso yokuthola isisombululo.

uMasipala uthi usiqaphe ngeso lokhozi isimo. Uthi uzobheka konke okwenzekayo ngama-CCTV camera ukuze ubone uma kuphinde kuba nokunye ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto edolobheni.

Akukacaci ukuthi yini le abasebenzi abakhala ngayo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts