Uvelile ‘owagwaza, wabulala’ owesilisa eshibini

Umlisa osolwa ngokugwaza, abulale omunye umlisa ngenkathi besendaweni yokucima ukoma uvele enkantolo yeMantshi yaseNsuze, KwaZulu Natali, ngoLwesine.

Esigamekweni esenzeke ngoMsombuluko, mhla ziyi-18 April 2016, ngezikhathi zabo-20:00 ebusuku, kubikwa ukuthi uFani Buthelezi (32) wayesendaweni yokucima ukoma, khona eNsuze, ephuza utshwala nabangani bakhe.

Kwabe sekusuka ingxabano ngenkathi besaphuza nokusolwa ukuthi uNdabizovela Mhlongo (31) wabe esebhokoda ngommese uButhelezi amanxeba amaningi emzimbeni.

uButhelezi waphuthunyiswa esebhedlela kodwa washona efika nje.

Kwabe sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eNsuze ukuze kuphenywe.

Umsolwa wagcina eboshiwe kanti waphinde watholakala nommese okusolakala ukuthi nguwo lo owasetshenziswa ngesikhathi kubulawa uButhelezi.

Ukuvela kwaMhlongo enkantolo ngoLwesine kulandela ukuvela kwakhe ngoLwesithathu nalapho kuvele khona ukuthi udinga usizo lwezomthetho.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: Pixabey.com

 

Related Posts