Banqatshelwe ibheyili abasolwa ngokweba imoto nokubulala

Abalisa ababili ababhekene namacala okuduna imoto, ukuzama ukubulala kanye nokuphanga kuhlonyiwe banqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMatshi, eNtuzuma.

Mhla zingama-25 March 2016,  ngezikhathi zabo-16:40, ntambama, kubikwa ukuthi umlisa oneminyaka engama-33 ubudala wazithola esehlaselwa amabhungu amabili angaziwa ngenkathi esemotweni yakhe yohlobo lwe-VW Golf, ekanye nomndeni wakhe esigcemeni sakwa-D, kuNtabakhulu Road.

Laba balisa okunguBusani Ndlovu (20) kanye noSandile Sosibo (26) kuthiwa bashaya bachitha nale moto.

Emva kokwaziswa kwamaphoyisa ngalesi sigameko kuthiwa amaphoyisa abone abalisa kanye nemoto efanayo nale eduniwe ikweminye yemizi eSiyanda.

Amaphoyisa athi abe ukusondela nje eduze nabasolwa, abasolwa base beqala ukudubula bebhekise ngakuwona amaphoyisa. Amaphoyisa nawo athi aphendule ngayo inganono nokuholele ekutheni kudubuleke umsolwa oyedwa yize noma abasolwa bagcina bekwazile bonke ukubaleka.

Ngokuhamba kosuku umsolwa odubulekile ugcine eboshiwe ngenkathi ethi ufuna usizo emtholampilo osendaweni. Omunye umsolwa naye waboshwa ngokuhamba kwesikhathi.

Bobabili laba bebekwa amacala okuduna imoto kanye nokuzama ukubulala kanti bazogcinwa esitokisini kuze kube umhla zingama-26 ku-May 2016.

Ngaphezu kwalokho uNdlovu kuthiwa uphinde eyamaniswe nelinye icala lokubulala elenzeka e-Lenasia, eNingizimu ne-Gauteng, ngo-January 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts