IPirates ibhaxabule iSundowns ingaphelele

i-Orlando Pirates imangaze i-Mamelodi Sundowns ngemizuzu yokugcina ngenkathi iyibhaxabula ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni wama- quarter-finals e-Nedbank Cup, e-Lucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Womabili amaqembu ahluleke ancama ukushaya inethi ngesiwombe sokuqala nokwenze ukuthi kuyiwe ekhefini zibambene ngeqanda nhlangothi zombili.

Ngomzuzu ka-71, iBhakabhaka liphoqelekile ukuthi lidlale lingasaphelele kulandela ukuthola ikhadi elibomvu komdlali walo, u-Edwin Gyimah. Lo mdlali uthole ikhadi lesibili eliphuzi ngenxa yokungadlali kahle.

Umdlalo uze waphela kungekho iqembu elibhakuzisa inethi nokuholele ekutheni kuyiwe esikhathini esengeziwe (Extra Time).

Yize noma bese kubukeka sengathi umdlalo uzogcina uphele ngamaphenathi kodwa ezimnyama zale zaphetha njengoba kuvele kwaqhamuka umgadli wazo ongalibheki ipali kulezi zinsuku, u-Tendai Ndoro, ngomzuzu ka-109, walibeka phakathi.

Ubuyile futhi u-Ndoro ngomzuzu ka-113 njengoba kunguye futhi ovuse inyamazane maqede wanikeza uMpho Makola ukuze alivalele phakathi nongazange alenze iphutha.

Unozinti we-Pirates, u-Brighton Mhlongo, kube nguye okhethwe njengomdlali ovelele (Man of the match).

Abanye babalandeli be-Sundowns abazange besakwazi ukuhlala emva kwegoli lesibili njengoba bebonakale sebephuma enkundleni belandelana yize noma umdlalo kade ungakapheli.

EzikaMagebhula sezizibekele indawo esigabeni sama-semi-finals.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts