Kudutshulwe oyedwa kugasela amaphoyisa ehostela

Umlisa oyedwa udubuleke walimala ngenkathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu ehostela elidume ngodlame i-Glebelands, eMlazi, entshonalanga neTheku.

Ngokusho kwamaphoyisa athi ngenkathi esaqhuba lo mkhankaso athole umbiko ngesigameko sokuphanga ebesiqhubeka kule ndawo.

Abe esezithela phezu kwabasolwa, nabasola ngokuthi bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo amaphoyisa. Amaphoyisa athi nawo aphendule ngayo inhlamvu nokuholele ekutheni kulimale omunye wabasolwa.

Lo msolwa uboshiwe wabe esebephuthunyiswa esibhedlela nalapho eqashwe khona ngeso lokhozi yiphoyisa.

Uphinde watholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm Pistol.

Lo mkhankaso ulandela izigameko zakamuva zokubulawa kwabantu kulo leli hostela nokuphinde kube nemibiko yokuthi kugqugquzelwa ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaqembu ahlukene ngaphakathi ehostela.

Ngempelasonto eyedlule kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-African National Congress (ANC), uZodwa Sibiya, ekhona ehostela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts