Kushone ababili, kwalimala abayi-7 kusha iloli

Kushone abantu ababili kwathi abayisikhombisa balimala ngenkathi iloli ebelisha ubuhanguhangu lishayisana nezimoto emgwaqeni onguthelawayeka, u-N3, eduze nase-Pietermaritzburg, ngoMsombuluko ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, kusolakala ukuthi leli loli liphaphalazile labe selishayisa okungenani izimoto ezintathu ezilungisa umgwaqo.

Ngenkathi abosizo lokuqala, abakwa ER24, befika endaweni yesigameko bathole ukuthi umuntu oyedwa ubesevele eseshonile futhi ubeshe kakhulu emzimbeni.

Abanye ababili bebesesimweni esibucayi njengoba umzimba wabo wonke ubumbozwe amanxeba okusha abesephenduke amabhanyaza. Laba babe sebefakwa emshinini ofaka umoya emzimbeni ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela i-Life Hilton Hospital ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Abanye abebekule ngozi bebelimele kakhulu kanti abanye bona bathole ukulimala okungatheni.

Omunye umuntu oshonile yena utholwe ngabezimo zokutakula kwenye yezimoto ezilungisa umgwaqo. Ngenxa yokuthi bekungasekho obekusengenziwa ukuze kuhlengwe impilo yakhe, ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts