Owesifazane ulunywe yizinja ezintathu washona

Owesifazane olinganiselwa eminyakeni engama-32 ubudala uhlanganyelwe yizinja ezintathu, zamdephuna, washona,  endaweni yokuhlala eku-Braithwaite Road, e-Pietermaritzburg.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bafike endaweni yesigameko behambisana nophikho lwezokutakula kwa-South African Police Service, ngaphambi kokuba kubumbane ihora leshumi nanye ekuseni.

Kodwa-ke bathi bathwale kanzima emzamweni yabo yokuhlenga lo wesifazane njengoba zontathu lezi zinja bezisalokhu zime eduze kwalo wesifazane. Bathi bazamile ukuzisusa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba bezigoloza ukusuka. Kuze kwaphoqeleka ukuthi izinja ezimbili zibekwe phansi amaphoyisa njengoba eyodwa yazo igcine ngokubaleka.

Abosizo lokuqala babe sebejomba ucingo ukuze basize lo wesifazane. Ngeshwa ubesedlulile emhlabeni ngenxa yobukhulu bamanxeba amaningi emzimbeni.  Ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko.

Akukacaci ukuthi kube yini imbangela yokuthi lezi zinja zihlasele lo wesifazane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts