Angeke sitshelwe omafikizolo, uZuma akayi ndawo – Mthethwa

uNgqongqoshe wezobuciko namasiko, uNathi Mthethwa, usegxeke labo abafuna ukuthi uMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, ehle esikhundleni wathi angeke kwenzeke lokho.

uMthethwa ukusho lokhu ngenkathi kunomcimbi wokugubha i-Freedom Day, eGiyani, eLimpompo, ngoLwesithathu.

uMengameli nguye obethula inkulumo yosuku kanti Mthethwa ubengumphathi wohlelo njengoba kunguye owethule uMengameli phambi kwezinkulungwane zabantu iningi labo abebedlubhe izikibha zeqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC).

Ngakolunye uhlangothi abeqhubeka amamashi ahlukene ezweni njengoba lilokhu liqhubekile ikhwelo lalabo abathi bamfuna ehambile uZuma njengoMengameli wezwe.

Kulamamashi kubalwa leyo ebiseThekwini, ebise-Cape Town, nebibheke ephalamende kanjalo naleyo ebise-Johannesburg.

“Bonke kumele babonge i-African National Congress kanye noMthethosisekelo ngokuthi namhlanje bayakwazi ukuthi bamashe baphinde bazwakalise imibono yabo – kuyilungelo labo. Siyalihlonipha ilungelo labo, kodwa siyawuhlonipha uMthethosisekelo. Sizothatha leli zwe silise phambili,” kusho uMthethwa.

“…uMengameli okunguye ophethe izwe, okunguye ohola izwe kuze kube kuphela ihlandla lakhe. Uzokhuluma nathi manje. Abekho omafikizolo abazotshela abavoti ukuthi benzeni, siyazi ukuthi kumele senzeni.”

“Lawo maqembu ezepolitiki angopopayi kumele azi ukuthi linye kuphela iqembu elibusayo eNingizimu Afrika, u-African National Congress. Awukho uhulumeni wokubambisana eNingizimu Afrika,” kuqhuba uMthethwa.

uMthethwa uphinde waxwayisa amaqembu aphikisayo ngokuthi angeke aze aphumelele emizamweni yawo yokuthatha “izindlela ezinqamulelayo” ngokuthi avotele ukungabethembi ubuholi bukaZuma ephalamende ngenhloso yokumketula esikhundleni.

“Siyaqhuba… Sisazoqhubeka,” kubeka uMthethwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts