Isihlabani somculi saseMelika, u-Maria Carey, kulindeleke ukuthi sinandise enkundleni yezemidlalo, i-Moses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu, ebusuku.
Lo mculi ulapha eNingizimu Afrika njengoba eqhuba umkhankaso wakhe owuchungechunge kuleli, i-Sweet Sweet Fantasy.
Ukuhambela kwakhe eThekwini kulandela ukunandisa kwakhe e-Cape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili .
Kuzothi ngomhla lulunye ku-May nangomhla zimbili kuwo u-May 2016 bese enandisa e-Johannesburg.
Lo mculi useke wawina inqwaba yezindondo okubalwa kuzo ama-Grammy Awards amahlanu kanye nama-American Music Awards ayi-11.
Kungokokuqala ngqa ukuthi azonandisa kuleli.
Phakathi kwezinye zezingoma ezamakhela udumo kubalwa leyo ethi “We Belong Together” kanye naleyo ethi “Touch My Body”.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: Wikipedia.org