Kushone abangu-14 engozini enyantisayo yetekisi neloli

Abantu abayishumi nane (14) bashonile kwathi ababili balimala kanzima ngenkathi kushayisana iloli elikhulu kanye netekisi emgwaqeni u-Randfontein Road, e-Randfontein, ngo-Lwesihlanu ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bathole ucingo oluphuthumayo ngale ngozi babe sebephuthuma endaweni yesigameko kanye nezinye izinhlaka zezimo eziphuthumayo.

Ngenkathi befika endaweni yesigameko bathole zombili lezi zimoto zimaphakathi nempambanagwaqo zilimele kanzima njengoba bezihlukene izingxenye zazo futhi zivulekile.

Kuphinde kwatholakala nenqwaba yezidumbu ezichithwe yitekisi zisaphazeke phansi.

Abantu abayi-14 abebelimele kanzima bahlonzwe njengabantu asebedlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.

Abanye abantu ababili bebesesimweni esibucayi kanti babe sebephuthunyiswa esibhedlela bebangwa nezibi.

Kudingeke ukuthi kuvalwe umgwaqo amahora ukuze kuhlanzwe indawo yesigameko kanti neziphathimandla zikuthole kunzima ukuhlonza abantu abebeshonile ukuthi bangobani ngenxa yendlela ababelimele ngakhona.

Itekisi isale iyiqashana kanti kubikwa ukuthi izingxenye zemizimba yalabo abebelimele bese zihlukene phakathi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts