I-ANC ayifuni ukubona umuntu omnyama ephumelela – Malema

Umholi we-Economic Freedom Fighters ( EFF), u-Julius Malema, ugxeke iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ngokuthi liphikisana nayo yonke into ezokwenza ukuthi umuntu omnyama aphumelele kuleli.

uMalema ukusho lokhu njengoba i-EFF beyethula usomqulu wayo wezethembiso zokhetho lohulumeni basekhaya enkundleni yezemidlalo ebigcwele phama abalandeli beqembu, i-Orlando Stadium, e-Soweto.

“Ngenkathi sifika lapha (ephalamende), sathi kubona asibe nekhomishana ukuze siphenye izimo zokusebenza zabasebenzi basezimayini, iqembu elibusayo lanqaba. Sathi asivikeleni izimboni zezwe ukuze sakhe imisebenzi, bakunqaba lokho. Sathi eqenjini elibusayo sizokunikeza u-6% wethu ukuze sishintshe umthethosisekelo bese sithatha umhlaba, bakunqaba lokho. Sathi kubona sidinga ukuvikela izimo zokusebenza zabasebenzi bese sinikeza abasebenzi baseNingizimu Afrika i-minimum wage, bakunqaba lokho. Sathi kubona asinikezele ngemfundo yamahhala kuzo zonke izingane, bakunqaba lokho,” kubala uMalema.

“Ngoba yonke into emele ukuphumelela kwabantu abamnyama, iqembu elibusayo ( ANC) aliyifuni, iqembu elibusayo liyayichitha leyo nto,” kuqhuba uMalema.

uMalema uphinde wagxeka abezindaba bakuleli ngokuthatha uhlangothi uma bebika ngezindaba. Uthi ngesikhathi bethi umndeni weziqumama, abakwa-Gupta, uqhuba inkohlakalo futhi abawufuni, bonke abezindaba bakuleli babagxeka baphinde babahlasela ngokuthi abanakekeli kodwa kuthe uma amabhange esenza okufanayo njengoba agcina evale ama-account ezinkampani zalo mndeni, abezindaba bawancoma amabhange.

Uthi isizathu sokuthi abezindaba bancome amabhange ngento efanayo nale i-EFF eyayikhulume ngayo yingoba amabhange aphethwe abantu abamhlophe kanti i-EFF iholwa umuntu omnyama. “Ababethembi (abezindaba) abantu abamnyama. Bahlale begxeka noma ngabe imuphi umbono oqhamuka kumuntu omnyama. Kodwa uma uqhamuka kumuntu omhlophe, umbono ofanayo, uyanconywa. Sinibhekile…,” kuxwayisa uMalema.

uMalema uthi beyi-EFF abazukubavumela abatshali bezimali abakhohlakele kuleli.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts