Sisazobhekana nalabo abakhuluma kakhulu: Zuma

uMengameli we-African National Congress (ANC) nophinde abe nguMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, usethumele umyalezo kulabo abachaze njengabantu abakhuluma kakhulu.

uZuma ubethula inkulumo njengoba bekugujwa usuku lwabasebenzi, eMamelodi, ePitoli, mhla lulunye ku-May 2016.

“Manje sesizoqala ukukhankasa. Sisobhekana nabantu abakhuluma kakhulu. Futhi sichaze ezweni ukuthi bangobani. Yini le abazama ukuyenza. Sizobhekana nayo yonke into esishiwo. Namhlanje siyagubha, umkhankaso uzosabalala izwe lonke,” kusho uZuma.

uZuma ukhale ‘ngosomathuba’ athi basemkhankasweni wokuphikisa wathi bazoqinisekisa ukuthi babaveza obala ukuthi bangobani.

Uphinde watshela abantu ukuthi ukuvotela i-ANC kusho ukuvotela ukuthula kanye nobumbano ezweni.

uZuma usho kanjena nje ilokhu iqhubekile imikhankaso eyehlukene ezweni yalabo abathi uZuma akashenxe esikhundleni njengoMengameli wezwe.

Kulabo abasho njalo kubalwa abaqembu aphikisayo, izinhlangano zomphakathi, abamasonto, kanye nabathile ngaphakathi kwi-ANC.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts