Uzovela ‘othumbe’ ingane (11) ngoba efuna intombi yakhe

Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoLwesibili umlisa osolwa ngokuthumba umfanyana oneminyaka eyi-11 ubudala nokusolwa ukuthi ubesekhiphela isibhongo kuyena emva kokuthi engamtholanga owesifazane ayenobudlelwano bezothando naye ngenkathi ezomfuna.

Esigamekweni esenzeke mhla zingama-22 ku-April 2016, ngezikhathi zabo-20:30, kusihlwa, kubikwa ukuthi lo mfanyana  wayehlezi no-anti wakhe ekhaya labo eliseBomvini, eNgwelezane, KwaZulu Natali, ngenkathi bezithola sebehlaselwa umsolwa oneminyaka engama-39 ubudala.

Kuthiwa lo mlisa wangena nezicabha kulo muzi efuna ngo dli owesifazane owayeyintombi yakhe.

Kodwa-ke kuthiwa lo wesifazane wayengekho ngaleso sikhathi nokuyinto eyamcasula kakhulu umsolwa wabe esephoqa ukuba ahambe nalo mfanyana ngenkani.

Ngaphezu kwalokho kuthiwa lo mlisa wayephethe ne-cointainer eno-petrol nokuthiwa wasonga ngokuthi uzoshisa indlu ngawo.

Wagcina emuthathile lo mfanyana maqede washaya wachitha naye ngemoto yohlobo lwe-VW Golf.

Kwabe sekuvulwa icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa eMpangeni ukuze kuphenywe.

ngoMgqibelo, amaphoyisa alunywe indlebe ngokubonakala komsolwa endaweni nokuholele ekutheni agcine eboshiwe esesigcemeni sakwa V, eMlazi wabe esebekwa icala lokuthumba.

Umfanyana utholakale engalimele kanti ube esehlanganiswa nomama wakhe.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts