Uzovela owadubula izithandani erenki yamatekisi

Umlisa osolwa ngokuvulela ngenhlamvu ezithandanini ezaziserenki yamatekisi maqede kwashona oyedwa, kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesibili.

Mhla zingama-25 April 2016, ngezikhathi zabo-20:30 ebusuku, kubikwa ukuthi lezi zithandani zaziserenki yamatekisi, eZimangweni, eNanda, eNtshonalanga neTheku.

Kuthiwa umsolwa weza kuzona nalapho okusolwa khona ukuthi wabe esevulela ngenhlavu kubona bobabili kwabe sekushona uSphamandla Mkhulise (43) kwase kwathi owesifazane athandana naye waphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokudubuleka.

Emva kwesigameko kuthiwa umsolwa wakhala amaphepha, ebaleka ngezinyawo.

Kwabe sekuvulwa icala lokubulala kanye nokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eNanda ukuze kuphenywe.

Mhla zingama-28 ku-April 2016, inhlanzi igcine ishelwe ngamanzi kumsolwa njengoba agcina eboshwe khona eNanda, nokulapho okuthiwa wayecashe khona, emva komkhankaso wezinhlaka ezihlukene emaphoyiseni okubalwa uphiko lwe-National Intervention Unit kanye no-Mhlali K9 Unit.

Ngenkathi eboshwa, umsolwa watholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm Pistol, esingekho emthethweni.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi ufuna lokhu kube yisixwayiso kwizigilamkhuba ukuthi angeke zikwazi ukubalekela ingalo yomthetho ngoba yinde.

“Uma ukhetha ukwenza ubugebengu, kumele uhlale ujeqeza emahlombe akho njengoba kusuke sekuwudaba lwesikhathi nje ngaphambi kokuba sikubambe,” kuxwayisa uNgobeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 

Related Posts