Zitholakale eManguzi izimoto ezebiwe eGoli

Izimoto ezintathu ebezintshontshwe esifundazweni, i-Gauteng, zitholakale ngaphambi kokuba zeqe umngcele wezwe, zilibangise ezweni lase-Mozambique.

Ngempelasonto bekutshalwe amaphoyisa ezindaweni ezakhele uMkhanyakude ngenhloso yokulwa nobugebengu obenzeka emingceleni yezwe.

Ukutshalwa kwamaphoyisa kule ndawo kulandela ukukhathazeka komphakathi mayelana nezimoto ezebiwe ezilokhu zinqamula umngcele zibheke e-Mozambique.

Amaphoyisa alandele umkhondo mayelana nemoto ebintshontshiwe yohlobo lwe-Jeep Grand Chirokee, maduzane nedolobha, iManguzi.

Azithele phezu kwayo le moto abe eseyayisesha.

Owesilisa obeshayela le moto, noneminyaka engama-33 ubudala, kubikwa ukuthi uhlulekile ukunikeza incazelo egculisayo ngale moto. Amaphoyisa abe eseyibiza emoyeni, ukuze kubhekwe ukuthi ayikaze yini ibikwe njengemoto entshontshiwe, nalapho kube sekuvela khona ukuthi yantshontshwa e-Gauteng.

Lo mlisa ube eseboshwa ngaso leso sikhathi.

Amaphoyisa, ngokubambisana nophiko lwe-Tactical Response Team (TRT), i-Public Order Policing kanye nabe South African National Defence Force (SANDF), baqhubekile nomkhankaso wabo kule ndawo nalapho bezithele phezu kwezinye izimoto ezimbili ezebiwe.

Lezi zimoto ezitholakele bekuyi-4×4 Toyota eyi-Double Cab kanye ne-Toyota Fortuner.

Imoto yokuqala itholakale isishiywe yodwa ngabasolwa emva kokuqaphela ukuthi kuza amaphoyisa.

Imoto yesibili yona itholakale ibhajwe esihlabathini.

Zombilil lezi zimoto kuqinisekisiwe ukuthi zintshontshwe e-Gauteng.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts