Asavalelwe amaphoyisa ‘adune iloli, antshontsha udizili’

Amaphoyisa amathathu asolwa ngokuduna iloli kanye nokuntshontsha udizili asazogcinwa esitokisini kuze kube mhla ziyi-12 May 2016 nalapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.

ngoLwesithathu, amaphoyisa ase-Brighton Beach abophe labo zakwabo abathathu kulandela isigameko sokudunwa komshayeli we-truck, e-Rossburgh, ngasekuqaleni kuka-May 2016.

Kubikwa ukuthi umshayeli weloli wazithola esehlaselwa abalisa abayisithupha abangaziwa, futhi ababehlome bezingovolo.

Kusolwa ukuthi laba balisa balayisha lo mshayeli ebhuthini yemoto maqede bayomlahla eMbumbulu.

Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa nokwathi ngosuku olulandelayo uphiko lwe-Durban Flying Squad lathola leli-truck ku-Jacob Road.

Ngenkathi amaphoyisa efika lapho kade kukhona leli loli kuphinde kwasuka esinye isidumo njengoba amaphoyisa ebika ukuthi unogada obegade indawo obekukhona kuyo iloli ebeliduniwe, kusolwa ukuthi uvele wadonsa isibhamu ezama ukudubula amaphoyisa.

Ube eseboshwa ngaso leso sikhathi kanti kuphinde kwatholakala ukuthi isibhamu abesisebenzisa asikho emthethweni.

Lama phoyisa aboshiwe aphinde ayamaniswe nezinye izigameko zokudunwa kwamaloli ezenzeka ngo-February 2016. Abhekene namacala okubalwa kuwo ukudunwa kwamaloli kanye nokuntshontshwa kwadizili.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi angeke baze bawabekezelele amaphoyisa akhohlakele embuthweni.

“Lokhu akube isexwayiso nakwabanye abasembuthweni, abahlangana nezigebengu, ukuthi izinsuku zabo zibaliwe,” kusho uNgobeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts