Zibakhalele ‘abebezobamba inkunzi’

Abalisa abathathu okusolakala ukuthi bebezama ukuphanga behlomile emzini womuntu zigcine zibakhalele e-Pinetown.

Kulesi sigameko esenzeke ngezikhathi zasemini, ngolwesithathu, kubikwa ukuthi owesifazane kanye nomsebenzi wakakhe osebenza engadini babesakhaya lakhe ngenkathi bebona sekutheleka imoto yohlobo lwe-VW Polo, e-Silver, ipaka esangweni lalo muzi.

Umsebenzi wakulo muzi ube esesondela kuyona ukuze ezwe ukuthi laba lisa beze ngani nalapho okuthiwa bazenza abantu ababheka umuntu othize ohlala khona endaweni. Babe sebeshaya imoto, bahamba.

Emva kwemizizu embalwa lo wesifazane waphinde wabona futhi yona le moto yabasolwa iza ngasendlini yakhe. Wabe esebalekela esitezi esiphezulu nokuyilapho abe esezikhiyela khona yena kanye nomsebenzi wakakhe.

Abasolwa  kuthiwa bezwakala beshaya isicabha nokuyilapho lo wesifazane abe esecindezela khona i-panic button, abasolwa base beyabaleka.

Kwabe sekubikelwa amaphoyisa ngalolu daba nokwabe sekuqala umkhankaso wokuthungatha abasolwa wuphiko lwe-Durban K9 Unit.

Imoto okuthiwa ifana nse nale ebihamba abasolwa ibonakale emgwaqeni u-Otto Volek road, e-Pinetown.

Kube sekuboshwa abasolwa abathathu baphinde batholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nenhlamvu.

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi e-Pinetown, ngoMsombuluko.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts