Kushone ingane kuphunyuka imoto ku-N3

Kushone ingane encane, kwaphinde kwalimala abanye abantu ngenkathi imoto encane ishayisa unqenqema emgaqweni onguthelawayeka, u-N3, ngase-Shongweni Hillcrest, eThekwini.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, kusolakala ukuthi umshayeli wemoto uye wahluleka ukuyilawula nokuholele ekutheni ishayise unqenqema lomgwaqo maqede yaphenduka.

Ngenkathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko besekusemva kwendaba njengoba lo mfanyana ubesevele edlulile emhlabeni. Kukholakala ukuthi uchithwe yimoto ngaphandle ngesikhathi igingqika kwabe sekuyamenela khona endaweni yesigameko.

Owesifazane utholakale esesimweni esibucayi kanti ubephuke nengalo.

Omunye wesifazane kanye nowesilisa nabo balimale kabi njengoba kuze kwadingeka ukuthi batakulwe ukuze bakhishwe emotweni.

Ezinye izingane ezimbili nazo zilimale kabi.

Bonke abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.

Abakwa ER24 babika ukuthi ngenkathi besesendaweni yesigameko kuphinde kwenzeka enye futhi ingozi endaweni ebuqamama.

Kule ngozi kushayisane imoto encane kanye neveni. Kulimale abesilisa ababili kanti babe sebelashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts