Zidlule nemiphefumulo izimvula eKZN

Izimvula ezinamandla ebezihlasele KwaZulu Natali, ikakhulukazi ezindaweni ezakhele iTheku, zishiye kukhalwa zaphinde zadlula nemiphefumulo kweminye yemindeni.

Ingane enonyaka owodwa ishonile ngenkathi kuwa udonga lwendlu endaweni eyimijondolo esigcemeni sakwa-D, eMlazi.

Enye ingane eneminyaka emihlanu ubudala nayo ishonile emgwaqeni u-Rafia Road, e-Chatsworth. Kuphinde kwalimala enye ingane eneminyaka emine ku-Johanna Road, e-Seacow Lake.

Izindawo eziningi ezingaphansi kwaMasipala weTheku zihlaselwe yizikhukhula kulandela izimvula ezinamandla ngempelasonto. Ilinganiselwa ku-126mm imvula ebinetha eNingizimu kanjalo naphakathi neTheku, kanye nengu-92.8mm e-Virginia phakathi noMgqibelo kanye neSonto.

Phakathi kwezindawo ezikhahlamezekile kubalwa Isipingo, uMlazi, i-Chatsworth, i-Reservoir Hills, i-Marianhill, i-Dassenhoek, i-Pinetown, Amaoti, iSiyanda, KwaMashu, i-Lamontville i-Bonella kanye nase-Seacow Lake.

Kulezi zindawo kukhahlamezeke izindlu kanye nemigwaqo.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo eThekwini bathi bezingena zingenile izingcingo ezivela kumalunga omphakathi abedinga usizo emva komonakalo odalwe yizimvula. Bathi zingama-76 izingcingo ebesebezitholile ngosuku lwangeSonto.

Imeya yeTheku, u-James Nxumalo, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe waphinde wanxusa umphakathi ukuba ulisebenziwe leli thuba lezimvula ukuba uzigcinele amanzi ukuze ukwazi ukuthi ubuye uwasebenzise esikhathini esizayo.

uMasipala ubika ukuthi imindeni eminingi ehlala ezindaweni eziyimijondolo kudingeke ukuba ibaleke ezindaweni ehlala kuzona eMlazi kanye naseSipingo, njengoa bekunokwesabela ukuthi umfula oseduzane ungase udale umonakalo ngenxa yokugcwala kakhulu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts