Izimvula ezinamandla zidale ukunqamuka kwamanzi

Izimvula ezinamandla ebezihlasele ezindaweni ezakhele iTheku seziholele ekutheni kunqamuke amanzi ezindaweni eziningi ezakhele uMasipala weTheku.

Ngempelasonto eyedlule kube nezimvula ezinamandla esifundazweni iKwaZulu Natali neziholele ekulahlekeni kwemiphefumulo kwaphinde kwadaleka umonakalo ezindlini kanye nasemigwaqeni.

Kuphinde kwanyuka nesibalo sezingozi zezimoto emigwaqeni.

Ngokusho kwaMasipala lezi zimvula zidale umonakalo emapayipini amanzi okuyiwo aphakela imiphakathi eyehlukene.

Phakathi kwezinye zezindawo ezithintekayo kubalwa izingxenye izithile ze-Northdene, Chatsworth, Shallcross, Klaarwater, St Wendolins, KwaNdengezi, Dassenhoek, Milky Way, Savannah Park, Hlanganisa Road, Intake Road, Luganda kanye nezingxenye ezithile zeTshelimnyama.

uMasipala uthi uphezu kwezinhlelo zokulungisa umonakalo kanti usuphinde wenza nezinhlelo zokulekelela ngamathangi anamanzi emphakathini.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts