Kuboshwe obefunwa ngamacala okubulala ehostela

Amaphoyisa asebophe umsolwa obefunwa ngoxhaxha lwamacala okubulala ehostela elidume ngezigameko zokubulala nokuzama ukubulala, i-Glebelands Hostel, eMlazi, entshonalanga neTheku.

Lo mlisa oneminyaka engama-27 ubudala uboshwe ngeSonto njengoba amaphoyisa abeqhuba umkhankaso ku-Block 51 kanye no-56 kuleli hostela ngokubambisana nophiko lwe-National Intervention Unit.

Phakathi kwamacala asolwa ngawo kubalwa isigameko somhla zingama-25 March 2016, nalapho kwahlaselwa khona abantu abathathu, okuhlanganisa nowesifazane oneminyaka engama-48 ubudala. Laba badutshulwa besashaya iziphuzo ngenkathi beku-Block 51.

Ngosuku olufanayo, kwaphinde kwatholakala omunye umuntu wesilisa eseshonile, enamanxeba amaningi umzimba wonke.

Ngosuku olulandelayo, ngezikhathi zehora lesibili ntambama, kwaphinde futhi kwatholakala u-Lucky Dlamini (28) kanye nabanye abalisa belimele kanzima, benamanxema okudutshulwa.

Kwabe sekuvulwa amacala okubulala kanye nokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMlazi.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eMlazi maduzane kanti useyamaniswe namacala amathathu okubulala kanye nayisithupha okuzama ukubulala.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, usenxuse abahlali bakuleli hostela ukuba beze ngaphambili uma ngabe benolwazi olungasiza amaphoyisa ophenyweni lwawo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts