Ayavela amaphoyisa ‘aduna iloli, antshontsha udizili’

Kulindeleke ukuba aphinde avele eNkantolo yeMatshi yaseThekwini ngoLwesine amaphoyisa amathathu abhekene namacala okuduna iloli kanye nokuntshontsha udizili.

La maphoyisa aboshwa ngozakwabo base-Brighton Beach mhla zizine ku-May 2016 kulandela isigameko sokuhlaselwa komshayeli weloli, kwaphinde kwadunwa lona leli loli, e-Rossburgh, ngasekuqaleni kuka-May 2016.

Kubikwa ukuthi umshayeli weloli wazithola esehlaselwa abalisa abayisithupha abangaziwa, futhi ababehlome bezingovolo.

Kusolwa ukuthi laba balisa balayisha lo mshayeli ebhuthini yemoto maqede bayomlahla eMbumbulu.

Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa nokwathi ngosuku olulandelayo uphiko lwe-Durban Flying Squad lathola leli-truck ku-Jacob Road.

Lama phoyisa aboshiwe aphinde ayamaniswe nezinye izigameko zokudunwa kwamaloli ezenzeka ngo-February 2016.

ngoLwesine kulindeleke ukuthi laba solwa bafake isicelo sebheyili njengoba kade belokhu begcinwe esitokisini.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts