Uzovela enkantolo umsakazi osolwa ngokusabisa

Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo yeMantshi e-Verulam umsakazi wesiteshi somphakathi, Izwi lo Mzansi 98.0 FM, uSfiso Sibisi.

Lo msakazi oshayela uhlelo lwezingxongxo phakathi nezinsuku, i-Sfiso Sibisi Talks, ubhekene namacala okusabisa kanye nokwehlisa isithunzi nalapho emmangalelwe khona ngowomdabu waseNdiya.

uSibisi usekujwayele ukuthi agqigqe izinkantolo njengoba ubekade ebhekene namanye futhi amacala okulimaza impahla kanye nokulimaza umuntu.

Kuleso sigameko kwakusolwa ukuthi wajikijela ngetshe i-truck lenkampani ezinze e-Phoenix, i-Tradeport , nokuthiwa sashiya umshayeli walo elimele kabi. Kuthiwa kwadaleka umonakalo ongango-R150 000 ngenxa yalesi sigameko.

La macala agcina echithiwe yinkantolo kulandela ubudididi obenzeka ngenkathi ummangali, u Jamale Abdi Mohamed, nongowokudabuka e-Somalia, ehlulwa ukuphendula imantshi ukuthi wasenza kanjani isitatimende. Inkukhu yavele yanqunywa umlomo ku-Mohamed nokwagcina sekuvela ukuthi iSingisi akasazi nokuthi kwasitatimende akazibhalelanga kodwa sabhalwa ngufakazi, okungowomdabu waseNdiya.

Laba bahluleka ukuchazela inkantolo ukuthi bebexhumana kanjani ngenkathi bebhalelana isitatimende nokuyinto iMatshi eyayigxeka kakhulu yathi ummangali kumele azibhalele isitatimende.

Ekuboshweni kwakhe kwakamuva uSibisi uthi wathi ephuma nje ohlelweni lwakhe wafika kwi-parking eselindwe yiphoyisa nelabe selimcela ukuba azinikele esiteshini samaphoyisa ngamacala abekwe wona.

Lo msakazi ukholwa ukuthi ukuboshwa kwakhe kwakamuva kwakuyitulo elalihleliwe nokwakuhloswe ngalo ukuthi adonse izinsuku ezinhlanu esitokisini njengoba kwasekuqala impelasonto ende yePhasika, ngoLwesine mhla zingama-24 kuMashi 2016.

Okunye uthi ukholwa ukuthi lokhu kusewukuqhubeka kwemizamo yokumvala umlomo ukuze engeke esazikhuluma izindaba zokuxhashazwa kwabasebenzi ikakhulukazi ezigamekweni ezithinta abomdabu waseNdiya.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts